Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 12:16 - IsiZulu 2020

16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala phansi ubusuku bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 12:16
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNathani wayesebuyela emzini wakhe. USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu.


Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana.


Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, zonke izinceku zayo zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ngakhala, umphefumulo wami wazila, kwaba ngukudunyazwa kwami.


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.”


Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, futhi engaphuzi.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ