Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 1:20 - IsiZulu 2020

20 “Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lingakutsheli eGati, lingakwenzi kwaziwe ezitaladeni zeAshikeloni; ukuze amadodakazi amaFilisti angathokozi, namadodakazi angasokile angathokozi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 1:20
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngelulela isandla sami kuwe, ngamelana nawe, ngasinciphisa isabelo sakho sokudla, ngakunikela entandweni yabakuzondayo. Amadodakazi amaFilisti ayenamahloni ngendlela owawulihathanga ngayo.


lapho bungakambulwa ububi bakho, njengasesikhathini sehlazo lamadodakazi ase-Aramu, nawo wonke amadodakazi amaFilisti alizungezileyo, akudumaza nhlangothi zonke.


Ningasho lutho eGathi, ningalokothi nilile. Zinginqeni othulini eBhethi Leyofra.


UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.


USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.


Lawa ngamathumba egolide abuyiswa ngamaFilisti aba ngumnikelo wecala kuSimakade: elinye lalingele-Ashidodi, elinye kungeleGaza, elinye kungele-Ashikeloni, elinye kungeleGathi nele-Ekhroni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ