Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kwabaseKorinte 13:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngokuba siyajabula, nxa thina sibuthakathaka, nina ninamandla;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba siyajabula, nxa thina sibuthakathaka, nina ninamandla;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kwabaseKorinte 13:9
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane ngokumenzela okuhle, ukuze amakhe;


Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.


Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu,


Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa.


Uma kufanele ngizincome, ngiyakuzincoma ngobuthakathaka bami.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.


Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.


Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu,


Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.


Ubusuku nemini siyanxusa singaphezi ukuba sinibone ubuso nobuso, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngakho-ke masedlule emfundisweni yokuqala ngoKhristu, siqhubekele phambili kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ