Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 4:18 - IsiZulu 2020

18 INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 4:18
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


USimakade uzokuvikela kukho konke okubi, awugcine umphefumulo wakho.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe makezwe.


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


sithethelele izono zethu, njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni.’ ”


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Njengalokhu uBaba enginikile umbuso, nami ngininika wona,


Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


Kuye uNkulunkulu, Yena yedwa onokwazi, makube kuye inkazimulo ngoJesu Khristu kuze kube phakade. Amen.


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.


Bazalwane, ngisho lokhu ukuthi inyama negazi akuyukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu, kanjalo nokubola akunakulidla ifa elingukungaboli.


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.


Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu.


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Ngiyakuyala ngokweqiniso phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu oyakwehlulela abaphilayo nabafileyo, ngokubonakala kwakhe nangombuso wakhe, ngithi:


Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,


makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


UDavide wezwa ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makadunyiswe uSimakade omele indaba yehlazo lami lapho uNabali engihlazisa, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali kuye.” UDavide wathumela wakhuluma no-Abhigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ