Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 4:14 - IsiZulu 2020

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 4:14
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


Banike umvuzo ofanele izenzo zabo, nobubi bemisebenzi yabo, nangokwenza kwezandla zabo, uphindisele kubo abakwenzayo.


nobubele bungobakho, Nkosi. Umuntu umvuza ngangokwenza kwakhe.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Simakade, uyaphindisela kumuntu ngokwemisebenzi yakhe; ngiphindiselele kubo ngabakwenze kimi!


Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.


oyakuklomelisa lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:


Uma kuyinto elungile kuNkulunkulu uyakukubuyisela ukuhlupheka kulabo abanihluphayo,


kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.


Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe;


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ