Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 1:1 - IsiZulu 2020

1 UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 1:1
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”


Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.


UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


UPawula, obizwe ngokwentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Khristu, benoSostene umzalwane,


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte nabo bonke abangcwele abakulo lonke i-Akhaya:


Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKhristu uJesu ngevangeli;


Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.


kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli.


Landela isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokukholwa, nothando olukuKhristu uJesu.


Lowo owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele; hhayi ngokwemisebenzi yethu, kodwa ngokwenhloso yakhe, nomusa esawuphiwa kuKhristu uJesu zingakabi bikho izikhathi;


Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu.


Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade.


Hlanganyela nami ekuhluphekeni njengebutho elihle likaKhristu.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu.


Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ