Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kaPetru 3:7 - IsiZulu 2020

7 Ngalo lelo lizwi, izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo, kulindele usuku lokwehlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kugcinelwe usuku lokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kugcinelwe usuku lokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kaPetru 3:7
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyobhubha lokhu, kodwa Wena uyokuma, konke kuyoguga njengengubo, njengesembatho, uyokuguqula kushabalale,


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.


Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.


“Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”


Nokho ngithi kini: kuyakuba ngcono kulo iThire neSidoni ngosuku lokwehlulelwa, kunakinina.


Kepha ngithi kini: kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma ngosuku lokwahlulela kunakuwe.”


Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”


Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.


Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu.


Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso,


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


nilindele futhi nimagange ngokufika kosuku lukaNkulunkulu okuyakuthi ngalo, amazulu adunqiswe ngomlilo abhubhe, konke kushe kungqongqe, kuncibilike.


Ngenxa yalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze kuthi ngosuku lokwahlulelwa sime ngesibindi, ngokuba njengalokhu Yena eluthando, nathi sinjalo kuleli zwe.


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


Isilo esasikhona, kodwa esingasekho, sona singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, futhi siya ekubhujisweni.


Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ