Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:4 - IsiZulu 2020

4 ukudla okusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, nezazima ngayo, izembatho zazo, abaphathizitsha nezembatho zabo, negumbi lakhe eliphezulu endlini kaSimakade, ayibange isaba nalutho olunye engalusho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, kanye nabaphathizitsha nezambatho zabo, nesikhwelo sakhe akhuphukela ngaso endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 nokudla kwetafula lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nenkonzo yezinceku zakhe, nezingubo zazo; nabaphathizitsha nezingubo zabo; nokukhuphuka kwakhe akhuphukela ngakho endlini kaJehova; kwakungasekho umoya kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:4
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukudla okwakusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, ukuma kwezikhonzi zakhe, izembatho zazo, abaphathizitsha bakhe, umnikelo wakhe wokushiswa ayewunikela endlini kaSimakade, yabamba ongezansi.


“Wena uyazi ukuthi uDavide, ubaba, akakwazanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wakhe indlu, ngenxa yezimpi ezazimzungezile; uSimakade waze wabeka izitha phansi kwamathe ezinyawo zakhe.


Indlela esibekelweyo yesabatha eyayakhiwe ngaphakathi esigodlweni, nendlela yangaphandle inkosi eyayingena ngayo, yakususa endlini kaSimakade; ngenxa yenkosi yase-Asiriya.


Kwaze kwaba yileso sikhathi bengabalindi besango lenkosi ngasempumalanga; babengabalindisango benkambu yabozalo lukaLevi.


Wabheka, wayibona inkosi imi ngasensikeni yayo ngasekungeneni. Izikhulu nabamacilongo babenenkosi; bonke abantu bezwe bathokoza, bashaya amacilongo, abahlabelelayo babebetha izinto zokucula, behola indumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ukuvukela umbuso! Ukuvukela umbuso!”


Indlovukazi yaseShebha isibonile ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayeyakhile,


Yathi enkosini: “Konke engikuzwe ngawe ezweni lakithi kuliqiniso, mayelana namazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.


Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


“Wozani nidle isinkwa sami, niphuze iwayini engilivubeleyo.


Madodakazi aseJerusalema fungani! Uma nimthola othandiweyo wami, niyomtshela yini ukuthi ngiyazifela ngaye na?


Kepha isikhulu yisikhulu, sona siyakuhlala kulo, sidle phambi kukaSimakade, singene ngendlela yompheme wesango, futhi siphume ngendlela yawo.”


Isikhulu siyakungena ngendlela yomphemegumbi wesango elingaphandle, sime ngasensikeni yesango, abaphristi banikele umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango, bese siphuma, kodwa isango aliyukuvalwa kuze kube kusihlwa.


Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho ngaphela amandla, nokuphefumula bekungasekho kimi.”


kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.


Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla.


Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ