Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:29 - IsiZulu 2020

29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezakuqala nezakamuva, azilotshiwe yini ezindabeni zikaNathani umphrofethi, nasesiphrofethweni sika-Ahaya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobhowamu indodana kaNebhathi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe encwadini kaNathani umprofethi nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:29
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye wathi: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.


Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.


Kepha uZadoki umphristi, uBhenaya indodana kaJehoyada, uNathani umphrofethi, uShimeyi, uReyi namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


UJerobhowamu, indodana kaNebhathi wakwa-Efrayimi waseZereda, unina okwakunguZeruya umfelokazi, incekukazi kaSolomoni, wamelana nenkosi.


Kwathi ngaleso sikhathi lapho uJerobhowamu ephumile eJerusalema, umphrofethi u-Ahiya waseShilo wahlangana naye endleleni, wayembethe ingubo entsha, bobabili bebodwa lapho endle.


UJerobhowamu wathi kumkakhe: “Ake usukume, uzifihle, ukuze ungabonakali ukuthi ungumkami; hamba uye eShilo; lapho kunomphrofethi u-Ahiya owangitshela ukuthi ngizokuba yinkosi phezu kwalaba bantu.


Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni.


Kwathi ukuba uJerobhowamu, indodana kaNebhathi owayebalekele eGibhithe ngenxa yokwesaba inkosi uSolomoni, akuzwe lokho, wabuya eGibhithe.


Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na?


Ezinye izindaba zika-Abhiya, izindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somphrofethi u-Ido.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ