Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:24 - IsiZulu 2020

24 Yileyo naleyo yayimlethela isipho: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi neminyuzi, ekwenza lokhu iminyaka ngeminyaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe: izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, iminyaka ngeminyaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:24
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yanika inkosi amatalenta ayi-120 egolide, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kuphinde kufike amakha amaningi kangaka njengalawo indlovukazi yaseShebha eyawapha inkosi uSolomoni.


Baletha, kwaba yilowo nalowo, isipho sakhe: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi, neminyuzi, lokhu bekwenza minyaka yonke.


UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide.


Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.


Wonke amakhosi omhlaba ayefuna ukumbona uSolomoni ubuso nobuso, ukuzwa ngokuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu ayekubeke enhliziyweni kaSolomoni.


Indlovukazi yaseShebha yanika inkosi amathalenta egolide ayi-120, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akukho omunye owake wanika inkosi uSolomoni amakha amaningi njengalawo awaphiwa yindlovukazi yaseShebha.


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.


Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni, imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe, ukuze beze bakukhothamele bonke, bethule kuwe izinhlamvu zesiliva, uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ