Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi indlovukazi yaseShebha seyizwile ngodumo lukaSolomoni, yasuka yaya eJerusalema ukuba iyovivinya uSolomoni ngezimfumbe. Yayinehele elikhulu kakhulu, amakameli ayethwele amakha, igolide eliningi, namatshe ayigugu. Yafika kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Indlovukazi yaseSheba isizwile umbiko kaSolomoni, yeza ukumvivinya uSolomoni ngemibuzo enzima eJerusalema, inesixuku esikhulu kakhulu, namakamela athwele izinongo, negolide eliningi, namatshe ayigugu; kwathi esefikile; kuSolomoni wakhuluma kuye ngakho konke okwakusenhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:1
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.


UJokishani wayenguyise kaShebha noDedani. Amadodana kaDedani kwakungama-Ashuri, amaLethushi, namaLewumi.


Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke.


USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.


ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.”


USolomoni wayiphendula kukho konke eyambuza khona, akukho lutho olufihlakeleyo uSolomoni angakwazanga ukuyichachisela khona.


Indlovukazi yaseShebha yanika inkosi amathalenta egolide ayi-120, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akukho omunye owake wanika inkosi uSolomoni amakha amaningi njengalawo awaphiwa yindlovukazi yaseShebha.


Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe, ngimtshela ngenhlupheko yami.


Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Mayiphile, bayinike igolide laseShebha, bayithandazele njalo, bayibusise usuku lonke.


Umlomo wami ngizowuvula, ngisho umfanekiso, ngizobonakalisa izimfihlakalo zasemandulo,


ukuze aqonde izaga, nemizekeliso, namazwi ezihlakaniphi.


Ubuningi bamakameli buyakukusibekela, amakameli asemancane akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseShebha bayakuza, bethwele igolide nempepho, bememezele izindumiso zikaSimakade.


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami, ngikhulume ngemizekeliso. Ngikhulume izinto ezifihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.”


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


Mhla kwehlulelwa, indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma kanye namadoda alesi sizukulwane, iwalahle ngecala, ngokuba yasuka kwelikude izwe izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ