Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:9 - IsiZulu 2020

9 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba begcinile ukubusiswa kwe-althare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwe-altare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngosuku lwesishiyagalombili benza umkhosi, ngokuba ukungcwelisa i-altare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wonke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni ngomkhosi ka-Ethanimi ngenyanga yesikhombisa.


USolomoni wawugubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela eLebho Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe, ngaphambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku ezili-14.


Lonke ibandla lase livumelana ukugubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa; bazigubha-ke ezinye izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza.


Ngosuku lwama-23 lwenyanga yesikhombisa, uSolomoni wabamukisa abantu ukuba baphindele emathendeni abo. Babethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uSimakade ayebenzele uDavide, uSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.


Nsuku zonke, kusukela osukwini lokuqala lomkhosi kuze kube ngolokugcina, wayefunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu. Bawugubha izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili bahlangana, ukuze bawuvale ngesizotha umkhosi njengoba kubekwe emthethweni.


I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade.


Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuSimakade. Ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ongcwele, niyonikela ngomnikelo womlilo kuSimakade, ngumhlangano ohloniphekileyo; aniyukwenza msebenzi.


Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare,


Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ