Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:6 - IsiZulu 2020

6 Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abapristi bema ezikhundleni zabo, namaLevi enezinsimbi zokubethela zikaJehova inkosi uDavide eyazenzayo ukuba kudunyiswe uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade lapho uDavide edumisa ngenkonzo yabo; abapristi bavuthela amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:6
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.


UShebhaniya, uJehoshafathi, uNethaneli, u-Amasayi, uZakhariya, uBhenaya, u-Eliyezeri, abaphristi, babeshaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu. U-Obhede Edomi noJehiya bona babengabalindisango bomphongolo.


Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


UJehoyada wabeka abaphristi nabaLevi ukuba bagade indlu kaSimakade. UDavide wayebehlukanisele indlu kaSimakade ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa kuSimakade, njengalokhu kulotshiwe emthethweni kaMose; bakwenze ngentokozo nangokuhuba, njengalokhu uDavide ayehlelile.


Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


UHezekiya wayala ukuba kunikelwe ngomnikelo wokushiswa e-althare. Ngesikhathi kuqalwa ukunikela ngomnikelo wokushiswa, kwaqala nesihlabelelo sikaSimakade, amacilongo nezinye izinsimbi zokubethwa zikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


bonke abahlabelelayo abangabaLevi; u-Asafa, uHemani, uJeduthumi namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu babemi ngasempumalanga ye-althare. Kwakumi kanye nabo abaphristi abayi-120, beshaya amacilongo.


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.


Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizi-22 000, nezimvu eziyizi-120 000. Inkosi nabo bonke abakwa-Israyeli, bayibusisa kanjalo-ke indlu kaNkulunkulu.


Babuye babeka abaphristi nabaLevi ngokwemikhakha yabo, ukuze baqhube inkonzo kaNkulunkulu eJerusalema, njengoba kulotshiwe encwadini kaMose.


Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.


USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.


Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”


Ngakho-ke, abantu bami bayolazi igama lami; ngalolo lusuku bayoqonda ukuthi yimi othi: bhekani, ngilapha.”


Bacula amaculo ngohambu, benze izimfijoli njengoDavide.


nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ