2 iziKronike 7:5 - IsiZulu 20205 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizi-22 000, nezimvu eziyizi-120 000. Inkosi nabo bonke abakwa-Israyeli, bayibusisa kanjalo-ke indlu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE5 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20245 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili; inkosi nabo bonke abantu bayingcwelisa indlu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.