2 iziKronike 7:3 - IsiZulu 20203 Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20243 Kwathi bonke abantwana bakwa-Israyeli bebona ukuthi umlilo wehla nenkazimulo kaJehova phezu kwendlu, bakhothama ubuso babo bubheke phansi endaweni egandayiwe, bakhuleka, bamdumisa uJehova, bathi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.