Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:16 - IsiZulu 2020

16 Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade, amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba lapho njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:16
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’


“Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bekule ndawo, badumise iGama lakho, baphenduke esonweni sabo, abashaywe ngenxa yaso,


“Uma abantu bakho bephuma impi, beyolwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuSimakade, bebheke kulo muzi owukhethileyo nakule ndlu engiyakhele igama lakho,


uma bephendukela kuwe ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni lezitha zabo ezibathumbileyo, bakhuleke kuwe bebheke ezweni lakubo owalinika okhokho babo, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayethe ngayo: “EJerusalema, ngizobeka khona igama lami.”


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.


USimakade wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngiyikhethile le ndawo ukuba ibe ngeyami, ibe yindlu yomhlatshelo.


Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengoba kuhambe uDavide, uyihlo, ukwenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso nezehlulelo zami,


USimakade uqoke iZiyoni, ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, wathi:


“Nansi indawo yami yokuphumula kuze kube phakade, ngizohlala kuyo, ngokuba yiMina engiyithandile.


USimakade wathi kuSathane: “USimakade uyakukhuza, Sathane. Impela, uSimakade okhethe iJerusalema uyakukhuza. Lona akasiso yini isikhuni esophulwe emlilweni na?”


Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”


Uma indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nani, niyohlaba emhlanjini wenu nasezimvini zenu aniphe zona uSimakade, njengalokhu nganiyala, niyokudla lokho phakathi kwamasango enu njengokufisa kwenhliziyo yenu.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ