Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:14 - IsiZulu 2020

14 bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:14
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.


UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuSimakade. Baphuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukuzofuna uSimakade.


mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho, u-Israyeli. Uyakubaqondisa endleleni enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho owabanika lona abantu bakho ukuba libe yifa labo.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, kube yilowo nalowo umuphe ngokwezindlela zakhe zonke. Nguwe owazi inhliziyo yakhe ngokuba nguwe kuphela owazi izinhliziyo zabantwana babantu.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke ukukhala owezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi iGama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, nokuba bazi futhi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibizwe ngeGama lakho.


Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.”


Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza, zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Simakade ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


“Uyofika eZiyoni njengoMhlengi, nakulabo bakwaJakobe abaphenduke eziphambekweni,” kusho uSimakade.


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngeGama lakho.


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele impumelelo nokulondeka okukhulu.


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.


“Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


“Kepha wena ndodana yomuntu, batshele abantu bakini, uthi kubo: ‘Ukulunga kolungileyo akusoze kwamsindisa ngosuku ayokona ngalo, nokona komubi akuyukumkhubekisa ngosuku ayophenduka ngalo ekuphambukeni kwakhe, nolungileyo akayukuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’


“Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”


INkosi yayisithi kuye: “Suka uye emgwaqweni okuthiwa uQondile, ufune endlini kaJuda umuntu, igama lakhe nguSawula waseTharsu, ngokuba uyakhuleka;


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ