Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:13 - IsiZulu 2020

13 “Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyane ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:13
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na?


Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.


Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.


Ngiyobashaya ngobhubhane, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”


Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ