Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:6 - IsiZulu 2020

6 kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 kodwa ngikhethe iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:6
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayethe ngayo: “EJerusalema, ngizobeka khona igama lami.”


Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera ayesenzile endlini uSimakade ayekhulume ngayo kuDavide noSolomoni indodana yakhe, wathi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukuba ngibeke khona iGama lami, kuze kube phakade.


ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kodwa bengisemathendeni ngamathende, nasemathabanakelini.


“Ngakho-ke uyakusho kanje kuDavide inceku yami, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.


“Nakuba kunjalo, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wangiqoka endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade. Ngokuba ukhethe uJuda ukuba abe ngumbusi, endlini kaJuda, indlu kababa, emadodaneni kababa, wangithanda mina ukuba angibeke ngibe yinkosi yawo wonke u-Israyeli.


Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi.


Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ukuba ibe ngeyegama lakho, bethi:


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayekhulumile ngayo, wathi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”


Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.


‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,


Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.


nithathe nalo lonke isiliva negolide eniyokufumana esifundazweni sonke eBhabhele, neminikelo yesihle yabantu neyabaphristi, abayinikela ngesihle endlini kaNkulunkulu wabo eJerusalema.


Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema,


USimakade uqoke iZiyoni, ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, wathi:


Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


Ziyophendulwa ngokuthini izithunywa zesizwe na? Kuyothiwa nguSimakade omisele abahluphekileyo babantu bakhe iZiyoni, ukuba bayophephela kulo.


USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema.


USimakade wathi kuSathane: “USimakade uyakukhuza, Sathane. Impela, uSimakade okhethe iJerusalema uyakukhuza. Lona akasiso yini isikhuni esophulwe emlilweni na?”


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ