Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:5 - IsiZulu 2020

5 ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli ezweni laseGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami ezweni laseGibithe, angikhethanga muzi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona lapho; futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:5
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayethe ngayo: “EJerusalema, ngizobeka khona igama lami.”


ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kodwa bengisemathendeni ngamathende, nasemathabanakelini.


Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi.


Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ukuba ibe ngeyegama lakho, bethi:


‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, ukwehlulelwa, ubhubhane, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu; sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, Wena uyakusizwa usisindise.’


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayekhulumile ngayo, wathi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”


Wabeka umfanekiso wesithombe esibaziweyo ayewenzile endlini kaNkulunkulu, uNkulunkulu ayethe ngayo kuDavide nakuSolomoni, indodana yakhe: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethe phakathi kwezizwe zonke zakwa-Israyeli, ngiyakubeka iGama lami kuze kube phakade.


Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.


Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:


kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’


Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.


nithathe nalo lonke isiliva negolide eniyokufumana esifundazweni sonke eBhabhele, neminikelo yesihle yabantu neyabaphristi, abayinikela ngesihle endlini kaNkulunkulu wabo eJerusalema.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


USimakade wathi kuSathane: “USimakade uyakukhuza, Sathane. Impela, uSimakade okhethe iJerusalema uyakukhuza. Lona akasiso yini isikhuni esophulwe emlilweni na?”


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ