Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:40 - IsiZulu 2020

40 “Ngakho-ke Nkulunkulu wami, amehlo akho mawabheke, nezindlebe zakho zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Ngalokho, Nkulunkulu wami, amehlo akho mawavulekele, nezindlebe zakho maziwulalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Manje, Nkulunkulu wami, ake amehlo akho avuleke, izindlebe zakho zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:40
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amehlo akho mawavulekele ukunxusa kwenceku yakho nokunxusa kwabantu bakho, u-Israyeli, ubezwe kukho konke abakhala ngakho kuwe.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Simakade, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, Simakade, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribhi awathumele ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.


mawuzwe umkhuleko wabo nokunxusa kwabo usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uyimele indaba yabo, ubathethelele abantu bakho abonileyo kuwe.


Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.


Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi, ngizokhuleka kuye ngisaphila.


Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;


Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokunxusa kwami.


Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.


Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo.


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


Simakade, Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona ukungalungi ezandleni zami,


Simakade, Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


Beka indlebe yakho Simakade, ulalele; vula amehlo akho Simakade, ubone, yizwa wonke amazwi uSanekheribhi awathumelele ukweyisa uNkulunkulu ophilayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ