Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:32 - IsiZulu 2020

32 “Kuyakuthi uma owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, evela ezweni elikude, ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, afike akhuleke kule ndlu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 “Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 “Futhi ngomfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu, nesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo; uma beza ukukhuleka kule ndlu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:32
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesebuyela kumuntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Uyabona-ke, sengiyazi ukuthi akekho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kodwa kwa-Israyeli kuphela, ngakho-ke ake wamukele isipho encekwini yakho.”


Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaya phambi komphrofethi oseSamariya, khona eyakuyiphilisa ochokweni lwayo.”


Kwathi ukuba u-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, ezwe ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iziklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uziklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, yikhona ezokwazi ukuthi kukhona umphrofethi kwa-Israyeli.”


Ngakho-ke mabakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho bethu.


ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Bayoletha njengomnikelo kuSimakade, bonke abafowenu bevela ezizweni zonke ngamahhashi, ngezinqola, ngezinhlaka, ngeminyuzi nangamakameli, bayoza entabeni yami engcwele, iJerusalema,” kusho uSimakade, “njengalokhu abakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaSimakade.


Kuyakuza izindimbane zabantu nezizwe ezinamandla zizofuna uSimakade Wamabandla eJerusalema, zinxuse ebusweni bakhe.”


Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.


UJesu esezelwe eBhethlehema eJudiya ngezinsuku zokubusa kukaHerode inkosi; bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zathi:


Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.


Kwakukhona amaGriki athile kulabo abakhuphukele emkhosini ukuba bayokhonza.


eFrigiya, ePhamfiliya, eGibhithe, eLibhiya ngaseKhurene, izihambi ezivela eRoma,


wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.


Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,


URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ