Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:27 - IsiZulu 2020

27 mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho, u-Israyeli. Uyakubaqondisa endleleni enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho owabanika lona abantu bakho ukuba libe yifa labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Yizwa usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, ngokuba ubafundise indlela enhle abamelwe ukuhamba ngayo; unise imvula ezweni lakho olinike abantu bakho njengefa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:27
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.


Ngubani owesaba uSimakade na? Uyomfundisa indlela okumele ayikhethe.


USimakade muhle, ulungile, yingakho izoni ezifundisa indlela.


Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selehlulekile, waliqinisa.


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Sinxusele ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho asikhombise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokho esiyakukwenza.”


Abashongo ezinhliziyweni zabo, ukuthi: ‘Ake sesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, onika imvula yokuqala neyakamuva ngesikhathi sayo, osigcinele amasonto anqunyiweyo okuba sivune.’


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Ngiyakuzibusisa zona nezindawo ezizungeze intaba yami, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.


Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.


Celani imvula kuSimakade ngenkathi yayo entwasahlobo. USimakade uhlomisa izulu, anise imvula; aphe kube yilowo nalowo okudliwayo kwasendle.


Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ