Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:26 - IsiZulu 2020

26 “Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngenxa yokuba bonile kuwe, bese bekhuleka bebheke kule ndawo, bavume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngoba uyabajezisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nale ndawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe; kodwa uma bekhuleka kulendawo futhi bevuma igama lakho futhi bephenduka esonweni sabo uma ubacindezela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:26
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

mawuzwe wena usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho, u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika bona nokhokho babo.


“Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyane ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami,


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


“Ndodana yomuntu, uma izwe lona kimi ngokwenza ukungethembeki, ngiyakwelula isandla sami ngimelane nalo, ngiqede umthombo walo wokudla, ngithumele indlala kulo, ngibulale abantu nezilwane okukulo.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.


Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


Izulu lakho phezu kwekhanda lakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.


Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ