Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:23 - IsiZulu 2020

23 mawuzwe usezulwini, uthathe izinyathelo, wehlulele izinceku zakho, owonileyo alahlwe yicala, ajeze ngobubi bakhe, kuthi olungileyo limthethe, azuze ngangokulunga kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kuphindiselwe konecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Yizwa usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokuphindisela omubi, ubuyisele indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nangokulungisisa olungileyo, ngokumnika njengokulunga kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:23
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wathi: ‘Ngenxa yegazi likaNabothi, negazi lamadodana akhe engilibonile izolo,’ kusho uSimakade, ‘ngiyakuphindisela kuwe kulesi siqinti sezwe,’ kusho uSimakade. Ngalokho-ke, mthathe umdinsile kulesi siqinti sezwe njengokusho kwezwi likaSimakade.”


“Uma umuntu ona omunye, kufuneka ukuba enze isifungo, bese eza ezofunga phambi kwe-althare lakho kule ndlu,


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


Othetha ngecala isikhohlakali, nolahla ngecala olungileyo, bobabili bayisinengiso kuSimakade.


Ngokuba umbhubhisi uselithelekele, uhlasele iBhabhele, kuthunjwa amabutho alo, neminsalo yawo iyaphoqozwa, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wemivuzo, uphindisela ngokupheleleyo.


Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.


Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo.


Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ