Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:20 - IsiZulu 2020

20 Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ukuze amehlo akho avuleke imini nobusuku ngale ndlu, ngendawo othe uyakubeka kuyo igama lakho kuyo; ukuze uzwe umkhuleko inceku yakho ewukhulekayo kule ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:20
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, Simakade, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribhi awathumele ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, ukwehlulelwa, ubhubhane, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu; sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, Wena uyakusizwa usisindise.’


Wubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Simakade Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala kokunxusa nomkhuleko inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho.


“Ngakho-ke Nkulunkulu wami, amehlo akho mawabheke, nezindlebe zakho zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,


kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’


Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.


USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.


Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ