Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:14 - IsiZulu 2020

14 wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho uNkulunkulu emazulwini nasemhlabeni onjengawe; Wena ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho, ngayo yonke inhliziyo yazo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ethi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini nasemhlabeni; ogcina isivumelwano nohawukela izinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:14
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Wakha i-althare lapho, walibiza ngokuthi yi-Eli Elohe Israyeli.


wathi: “Igama lakho unguJakobe, kodwa awusezukubizwa ngoJakobe, usuzobizwa ngo-Israyeli.” Ngakho-ke wabizwa ngo-Israyeli.


U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


“Ngakho-ke umkhulu, Nkosi Simakade, ngokuba akekho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho kukho konke esikuzwile ngezindlebe zethu.


Kwathi ngesikhathi sokunikela, u-Eliya umphrofethi wasondela, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, namhlanje makwazeke ukuthi Wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngikwenzile konke lokhu ngezwi lakho.


USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla.


“Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izehlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakufeza kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:


wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.


wathi: “Simakade, Nkulunkulu wokhokho bethu, kanti Wena awusiye yini uNkulunkulu ezulwini, nombusi wemibuso yonke yezizwe na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akekho ongamelana nawe.


“Ngakho-ke Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniswe izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho, uDavide.


Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.


Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.


Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye.


Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na?


Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


UNkulunkulu wabuye wathi kuMose: “Uyakusho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘USimakade uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ungithumile kini.’ Leli yigama lami kuze kube phakade, engiyakukhunjulwa ngalo ezizukulwaneni ngezizukulwane.


U-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi eGibhithe, kwaphuma amasele agcwala kulo lonke iGibhithe.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.


Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele;


‘Nkosi Simakade, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza imisebenzi enjengeyakho nongenza imisebenzi emikhulu njengeyakho na?


“Yazi namuhla, ukufake enhliziyweni yakho ukuthi uSimakade unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akekho omunye.


Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ