Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:13 - IsiZulu 2020

13 USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 USolomoni wenza isaka lethusi, ubude balo buyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo buyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu, walumisa phakathi negceke; wema phezu kwalo, waguqa phambi kwebandla lonke. Ka-Israyeli futhi welulela izandla zakhe ezulwini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.


Igceke elikhulu lalizungezwe yimigqa emithathu yamatshe abaziweyo, nomugqa wemishayo yomsedari, njengalokhu kwakwenziwe egcekeni lendlu kaSimakade elingaphakathi nasemphemenigumbi wendlu.


Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nokunxusa kuSimakade, wasuka phambi kwe-althare likaSimakade ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.


Wenza igceke labaphristi, igceke elikhulu, iminyango yegceke, nezivalo zayo wazemboza ngethusi.


USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe.


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa, ngasukuma ekuzileni, izingubo zami nesembatho sami kuklebhukile, ngaguqa ngaphakamisela izandla zami kuSimakade uNkulunkulu wami,


Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami.


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


Esekushilo lokho, waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ