Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:12 - IsiZulu 2020

12 USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wema phambi kwe-altare likaJehova phambi kobuso balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:12
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wabona inkosi imi ngasensikeni njengokusho komthetho. Izikhulu nabamacilongo babengakuyo, bonke abantu bahlala ezweni bethokozile, beshaya amacilongo. U-Athaliya waklebhula izingubo zakhe, wamemeza, wathi: “Wugobe! Wugobe!”


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.


Ngiwubekile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaSimakade asenza nabantu bakwa-Israyeli.”


USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini,


“Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho, welulela izandla zakho kuye,


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


Izandla zami ngizelulela kuwe, umphefumulo wami womela Wena njengomhlaba owomileyo. Sela


Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.


Yingakho ngizokubonga, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizophakamisa izandla zami egameni lakho.


Izikhulu ziyakuvela eGibhithe, amaKhushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.


UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ