Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:10 - IsiZulu 2020

10 “USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “UJehova uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kuka Jehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngalokho uJehova waligcwalisa izwi lakhe alikhulumayo, ngokuba ngavuka ekamelweni likababa uDavide, ngahlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, njengalokho uJehova ethembisile, ngase ngilakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:10
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.


“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela.


USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.


Ngiwubekile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaSimakade asenza nabantu bakwa-Israyeli.”


Kepha wena awuyukuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalo lwakho, yiyo eyokwakhela igama lami indlu.’


Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ