Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 5:2 - IsiZulu 2020

2 USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwana, abaholi bawoyise babantu bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, bewususa emzini kaDavide iZiyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USolomoni wayesebutha amadoda amadala akwa-Israyeli nazo zonke izinhloko zezizwe, izinhloko zezindlu zoyise zabantwana bakwa-Israyeli, eJerusalema ukuba bakhiphe umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide iZiyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 5:2
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.


Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile.


UDavide wakha izindlu emzini wakhe, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela ithende.


Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona.


KwakunguDavide, namalunga akwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane abahamba bethokoza bayokhuphula umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endlini ka-Obhede Edomi.


UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. Base benikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


Nalaba benza unkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni phambi kukaDavide, inkosi, uZadoki, u-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise, abaphristi nabaLevi; omkhulu kubo kanjalo nomfowabo omncane.


UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongumLevi, waloba phambi kwenkosi, nezikhulu, naphambi kukaZadoki, umphristi, no-Ahimeleki, indodana ka-Abhiyathara, nezinhloko zoyise, abaphristi nabaLevi. Enye indlu yoyise yayivela ku-Eleyazare, enye ivela endlini ka-Ithamari.


UShelomothi nabafowabo babengamele yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezazingcweliswe yinkosi uDavide, izinhloko zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane, abakhuzi bempi bamakhulu nabakhuzi bempi.


UDavide wayeseqoqa zonke izikhulu zakwa-Israyeli, abaholi bezizwana, izinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, izinduna zasendlunkulu, amaqhawe, nawo wonke amadoda anamandla eJerusalema.


Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema.


Wonke umsebenzi uSolomoni ayewenza endlini kaSimakade waphothulwa. USolomoni wayesengenisa zonke izinto ezingcwele zikaDavide, uyise; igolide, isiliva nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.


bonke abahlabelelayo abangabaLevi; u-Asafa, uHemani, uJeduthumi namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu babemi ngasempumalanga ye-althare. Kwakumi kanye nabo abaphristi abayi-120, beshaya amacilongo.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


USimakade uyawathanda amasango eZiyoni kunayo yonke imizi kaJakobe.


Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.


Basuka entabeni kaSimakade, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu. Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu, ukubafunela indawo yokuphumula.


Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Simakade emashumini ezinkulungwane zemindeni yakwa-Israyeli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ