Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 5:13 - IsiZulu 2020

13 Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli bemunye, benza izwi elilodwa lokudumisa nokudumisa uJehova; lapho bephakamisa amazwi abo ngamacilongo nangamasimbali nangezinsimbi, bemdumisa uJehova, bethi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngokuba indlu yagcwala ifu, indlu kaJehova;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 5:13
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamisa phambi komphongolo kaSimakade abanye babaLevi ukuba bakhonze, benze isikhumbuzo, babonge futhi bamdumise uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke.


Kwathi lapho uSolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu.


Abaphristi abakwazanga ukungena endlini kaSimakade, ngokuba inkazimulo kaSimakade yayiyigcwalisile indlu kaSimakade.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.


Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.


Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.


Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu.


Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade, nokwethembeka kwakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.


Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu.


Mdumiseni ngamasimbali ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.


Okhokho bethu bethembela kuwe; bakwethemba, Wena wabakhulula.


Hubani iculo, nithathe isigubhu nohabhu; imiqangala ekhala kahle.


Ngiyohlangana nabantu bakwa-Israyeli lapho, leyo ndawo iyakungcweliswa yinkazimulo yami.


Abalindi benu baliphakamisile izwi labo, bayakhamuluka bethokoza kanyekanye, ngokuba bayozibonela ngawabo amehlo, lapho uSimakade ebuyela eZiyoni.


ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke.


ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.


Ithempeli lagcwala intuthu ivela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe. Akekho owayengangena ethempelini zingakapheleli izinhlupheko eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ