2 iziKronike 5:13 - IsiZulu 202013 Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE13 nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova, အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202413 Lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli bemunye, benza izwi elilodwa lokudumisa nokudumisa uJehova; lapho bephakamisa amazwi abo ngamacilongo nangamasimbali nangezinsimbi, bemdumisa uJehova, bethi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngokuba indlu yagcwala ifu, indlu kaJehova; အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.