Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 4:7 - IsiZulu 2020

7 Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene, neziyisihlanu ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wenza izinti zezibani zegolide ngendlela yazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 4:7
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wazibeka izinqe eziyisihlanu eceleni ngakwesokunene sendlu, neziyisihlanu eceleni ngakwesokhohlo sendlu; wabeka ulwandle eceleni ngakwesokunene sendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.


izinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo, phambi kwegumbi eliphakathi, izimbali, izibani, izindlawu, konke wakwenza ngegolide,


umfanekiso wakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaSimakade, amakamelo nxazonke, ingcebo yendlu kaNkulunkulu, nengcebo yezinto ezingcwele,


igolide, ngokwesilinganiso segolide sezinto zegolide zezinkonzo ngezinkonzo, izinto zonke zesiliva isisindo sazo, nazo zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo.


Isisindo sezinti zezibani zegolide nezibani zazo zegolide, isisindo salolo nalolo luthi lwesibani nezibani zalo, izinti zesiliva, isisindo sothi nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi.


UDavide washo wathi: “Konke lokho ngikubhalile ngiqondiswa nguSimakade, yebo, wonke umsebenzi walo mfanekiso.”


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ