Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 4:19 - IsiZulu 2020

19 USolomoni wenza yonke impahla eyayisendlini kaNkulunkulu: i-althare legolide, amatafula okwakukhona kuwo izinkwa zobukhona,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaNkulunkulu, kanye ne-altare legolide, namatafula okwakukhona kuwo izinkwa zokubukwa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 USolomoni wazenza zonke izinto zendlu kaNkulunkulu, ne-altare legolide namatafula okwakubekwe kuwo izinkwa zokubukwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 4:19
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yakhipha yonke ingcebo yendlu kaSimakade, ingcebo yasesigodlweni senkosi, yaphihliza zonke izinto zegolide inkosi uSolomoni wakwa-Israyeli ayezenzele ithempeli likaSimakade njengoba uSimakade ayeshilo.


Isisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa, amatafula ngamatafula, isiliva lamatafula esiliva.


USolomoni wathumela kuHuramu, inkosi yaseThire, wathi: “Njengalokho wenza kuDavide, ubaba, wathumela kuye imisedari, ukuba akhe indlu, ahlale kuyo, yenza kanjalo-ke nakimi.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke yakuyisa eBhabhele.


Wenza amatafula alishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene, nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha zegolide eziyikhulu.


Ingakapheli iminyaka emibili, ngiyakuzibuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaSimakade ezathathwa kule ndawo nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, waziyisa eBhabhele.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zobukhona okungavunyelwe ukuba azidle, kodwa ezidliwa abaphristi kuphela na?


Enye ingelosi yeza, yema ngase-althare, iphethe isithunqiso segolide, yanikwa impepho eningi ukuba iyenezelele emikhulekweni yabangcwele bonke, phezu kwe-althare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


Ingelosi yesithupha yayisibetha icilongo; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-althare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ