Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 4:1 - IsiZulu 2020

1 Wakha i-althare lethusi: ubude balo bungamakhubhithi angama-20, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-20, nokuphakama kwalo kungamakhubhithi alishumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wenza i-altare lethusi, ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo buyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 4:1
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaSimakade, yanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, ngomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


USolomoni wayenikela kathathu ngonyaka ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-althare ayelakhele uSimakade, eshisa impepho kanye neminikelo phambi kukaSimakade. Wayeseqedile ukwakha indlu.


I-althare lethusi elalenziwe nguBhezaleli, indodana ka-Uri kaHure, nalo wayelibeke phambi kwethabanakeli likaSimakade. USolomoni nebandla baya kulo ukuyobuza kuSimakade.


Kwathi ukuba u-Asa awezwe lawo mazwi nesiphrofetho sika-Odedi umphrofethi, waqina idolo, wazisusa izinengiso ezweni lonke kwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ayeyidle kwelezintaba kwa-Efrayimi, wavusa i-althare likaSimakade elaliphambi kompheme kaSimakade.


Basuka bangena phakathi ukuyokhuluma nenkosi uHezekiya, bathi: “Siyihlambulule yonke indlu kaSimakade, i-althare leminikelo yokushiswa, zonke izinto zayo, netafula lezinkwa zokubukwa.


USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elaliphambi kwendlu kaSimakade, wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula, ngokuba i-althare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingeke lanele ukwenzela umnikelo wokushiswa, owokusanhlamvu namanoni.


USolomoni wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa kuSimakade, e-althare likaSimakade ayelakhe phambi kompheme,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ