Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 34:9 - IsiZulu 2020

9 Baya kuHilikiya, umphristi omkhulu, bayisa imali eyayikade ilethwe endlini kaNkulunkulu, eyayiqoqwe ngabaLevi, abalindimasango, esizwaneni sakwaManase, nesakwa-Efrayimi nakuyo yonke insali ka-Israyeli nakuJuda wonke, nabakwaBhenjamini nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu, bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no-Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa-Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho befika kumpristi omkhulu uHilikiya, bamnika imali eyayilethwa endlini kaNkulunkulu, amaLevi alinda abalindisango ayeyiqoqile esandleni sikaManase no-Efrayimi nakuyo yonke insali yakwa-Israyeli nakuyo yonke insali yakwa-Israyeli. UJuda noBenjamini; babuyela eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 34:9
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayala uHilikiya umphristi omkhulu, nabaphristi besigaba sesibili, abalindimnyango, ukuba bakhiphe ethempelini likaSimakade zonke izinto ezazenzelwe uBhali no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini. Yazishisa ngaphandle kweJerusalema, emasimini aseKidroni, umlotha wakho wayiswa eBhethele.


Izigijimi zangena kuyo yonke imizi kwa-Efrayimi, kwaManase, nakwaZebuloni, kodwa babezihleka usulu, beziklolodela.


Ingxenye enkulu yabantu eyayivela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwa-Isakhare nakwaZebuloni, yayingazihlambululanga, balidla iphasika ngokungalotshiwe, ngokuba uHezekiya wayebakhulekele, wathi: “USimakade omuhle makathethelele,


Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Bayinika labo ababeqokelwe ukubheka umsebenzi endlini kaSimakade. Bona bayinika abasebenza umsebenzi wokulungisa indlu kaSimakade.


UShafani, umbhali, wayibikela inkosi, wathi: “UHilikiya, umphristi, unginike incwadi.” UShafani wayeseyifundela inkosi.


Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


UHilikiya nalabo ababethunywe yinkosi baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThokathi kaHazira, umgcinizingubo. Wayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye kanjalo.


Izikhulu zakhe zanika abantu, abaphristi nabaLevi iminikelo yesihle. UHilikiya, uZakhariya, noJiheyeli abaphathi bendlu kaNkulunkulu banika abaphristi amawundlu ayizi-2 600, nezinkabi ezingama-300, ukuba benze iminikelo yephasika.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ