2 iziKronike 34:4 - IsiZulu 20204 Badiliza ama-althare oBhali phambi kwakhe, ama-althare empepho ayephezu kwawo, wagawula o-Ashera, izithombe ezibaziweyo nezithombe ezibunjiweyo wakucolisisa, wakuvuvuzela phezu kwamathuna ababekade benikela kukho. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE4 Bawadiliza phambi kwakhe ama-altare awoBali; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma; waphula o-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20244 Bawadiliza ama-altare oBali phambi kobuso bakhe; nezithombe ezazilapho phezulu, wazigawula; neziqu ezingcwele, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo wakuphahlaza, wakucolisa, wakuvuthululela phezu kwamathuna ababezihlabela. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Wakhuluma kulelo althare ngezwi likaSimakade, wathi: “Althare, althare, usho kanje uSimakade kuwe, uthi: ‘Kuzozalwa umntwana endlini kaDavide, igama lakhe nguJosiya. Uyonikela phezu kwakho ngabaphristi basezindaweni eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”
Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.