Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 34:3 - IsiZulu 2020

3 Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe, esemncane, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, neziqu zemithi, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 34:3
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakhuluma kulelo althare ngezwi likaSimakade, wathi: “Althare, althare, usho kanje uSimakade kuwe, uthi: ‘Kuzozalwa umntwana endlini kaDavide, igama lakhe nguJosiya. Uyonikela phezu kwakho ngabaphristi basezindaweni eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”


Babhidliza insika engcwele kaBhali, badiliza indlu kaBhali, bayenza yaba yindlu yendle, kuze kube namuhla.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera, yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Inkosi yayala uHilikiya umphristi omkhulu, nabaphristi besigaba sesibili, abalindimnyango, ukuba bakhiphe ethempelini likaSimakade zonke izinto ezazenzelwe uBhali no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini. Yazishisa ngaphandle kweJerusalema, emasimini aseKidroni, umlotha wakho wayiswa eBhethele.


UDavide wathi: “USolomoni, indodana yami, usengumfana, akakaqini ukuba angakhela uSimakade indlu, ngokuba indlu okumele yakhelwe uSimakade kumele ibe yinhle kakhulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni wonke; ngakho-ke ngizakuqala mina ukuyilungiselela.” UDavide wayilungiselela kakhulu engakafi.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni, indodana yami, nguye yedwa okhethwe nguNkulunkulu, usengumfana, akakaqini ukhakhayi, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu, kepha ngelikaSimakade uNkulunkulu.


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, izwe laba nokuthula; kwakungekho ukulwa kuleyo minyaka ngokuba uSimakade wayemnike ukuthula.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Bawasusa wonke amanye ama-althare ayeseJerusalema, nawo wonke ama-althare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaSimakade. Wabhidliza wonke ama-althare ayewakhe entabeni yendlu kaSimakade naseJerusalema, wakulahla konke ngaphandle komuzi.


Nokho abantu babesahlaba, benza imihlatshelo ezindaweni eziphakemeyo, kodwa base beyenzela uSimakade uNkulunkulu wabo kuphela.


Wenza okubi phambi kukaSimakade, njengalokhu uyise uManase ayenzile. U-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase, uyise, wazikhonza.


UJosiya wasusa zonke izinengiso ezazisemazweni wonke akwa-Israyeli, ezazingezabantu bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli, bamkhonze uSimakade uNkulunkulu wabo. Ngazo zonke izinsuku zakhe, abantu abachezukanga ekumlandeleni uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.


Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.


Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe ukuthi akwenzayo kuhle noma kubi.


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe, nangenxa yezono zendlu ka-Israyeli. Ngubani owaphambukisa uJakobe? Akusilo yini iSamariya na? Ngubani izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Akusilo yini iJerusalema na?


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ