Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 34:2 - IsiZulu 2020

2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, wahamba ngezindlela zikaDavide ukhokho wakhe, kachezukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, akaphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 34:2
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngahlukanisa umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kodwa awubanga njengenceku yami uDavide, owagcina imiyalo yami, wangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe, wenza okulungile emehlweni ami.


Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.


Wenza okulungile emehlweni kaSimakade, wahamba ngayo yonke indlela uDavide, ukhokho wakhe, ayehambe ngayo, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali,


kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli.


Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengakho konke okwakwenziwe nguDavide, ukhokho wakhe.


Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Ungaphambukeli kwesokunene nakwesokhohlo; dedisa unyawo lwakho kokubi.


Wenze njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona, nanjengesehlulelo abayakukutshela sona. Ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwehluleleni kwabo.


angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”


Ungaphambuki kuwo wonke amazwi engikuyala ngawo namuhla, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze.


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


“Ngakho-ke qinani kakhulu ukuze nigcine futhi nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuba ningachezukeli kwesokunene noma kwesokhohlo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ