Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 33:9 - IsiZulu 2020

9 UManase wamdukisa uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, benza okubi kunabezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabantu bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, benza okubi kunezizwe uJehova azichitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 33:9
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Nokho uSimakade akaphendukanga entukuthelweni enkulu ayemthukuthelele ngayo uJuda, nangokuchukuluza uManase achukuluza ulaka lwakhe ngakho.


UManase futhi wachitha kakhulu igazi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela kulolu hlangothi kuya kolunye, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaSimakade.


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.


Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”


“ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala phesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nalidla izwe lawo; ngawabhubhisa phambi kwenu.


abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo.


“ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo.


Futhi angiyukulususa unyawo luka-Israyeli, angiyukulususa ezweni engalimisela okhokho benu, uma nje beyakukugcina benze konke engibayale ngakho, wonke umthetho, izimiso, izehlulelo engabanika khona ngomlomo kaMose.”


USimakade wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kodwa kabalalelanga.


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba inxokozelo yenu inkulu ukwedlula izizwe ezinizungezileyo, anihambi ngokwezimiso zami, anizigcini izehlulelo zami, futhi anenzanga ngokwezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo;


USimakade wayemthobisile uJuda ngenxa ka-Ahazi, inkosi yakwa-Israyeli, ngoba engamnakanga uJuda futhi akethembeka kuSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ