2 iziKronike 33:3 - IsiZulu 20203 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20243 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise ayezidilizile, wamisela oBhali ama-altare, wenza nemithi, wakhuleka, walikhonza ibandla lonke lasezulwini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.