Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 33:2 - IsiZulu 2020

2 Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 33:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bashisa impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengalokhu kwakwenza abezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabo. Benza izinto ezimbi, baluchukuluza ulaka lukaSimakade.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengezinengiso ezazenziwa ngabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa, benza okubi ukwedlula abezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabo, abantu bakwa-Israyeli.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Wenza okubi phambi kukaSimakade, njengalokhu uyise uManase ayenzile. U-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase, uyise, wazikhonza.


Zonke izikhulu zabaphristi nabantu baphambuka kakhulu, benza okungalungile, balandela zonke izinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaSimakade ayeyingcwelise eJerusalema.


kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?


Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.


Niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezehlulelo zami anizigcinanga, kodwa nenze njengezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo.” ’ ”


“Lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezibhubhisile izizwe eziphambi kwakho, sewuzongena ukuba uzephuce izwe, nalapho sewuzephucile izwe, wahlala kulo,


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


“Lezo zizwe oyoziphuca izwe lazo ziyabalalela abahlola imihlola nezangoma, kodwa wena uSimakade uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.


“Kuyothi nxa usufike ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ