2 iziKronike 32:8 - IsiZulu 20208 Ngamandla omuntu nje anaye, kodwa uSimakade uNkulunkulu wethu unathi ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya, inkosi yakwaJuda. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE8 okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20248 Okunaye ingalo yenyama; kodwa okunathi uJehova unguNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu. Abantu bema emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”
Ngakho-ke ningamvumeli uHezekiya anikhohlise, aniyenge ngale ndlela; ningakholwa nguye, ngokuba akuzange kube khona nkulunkulu kunoma yisiphi isizwe nombuso owaba namandla okusindisa abantu bakhe esandleni sami, nasesandleni sobaba. Nina-ke nicabanga ukuthi owenu uNkulunkulu anganisindisa esandleni sami na?”