Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:7 - IsiZulu 2020

7 “Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningadangali ngenxa yenkosi yase-Asiriya nangenxa yesixuku ehamba naso, ngokuba mkhulu onathi kunalowo onaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase-Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Qinani, nime isibindi, ningayesabi, ningathuki ngenkosi yase-Asiriya naso sonke isixuku esinayo, ngokuba abanathi baningi kunabanaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:7
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uSimakade, nithi: “USimakade uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyukunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’


Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, akubanga bikho onjengaye emva kwakhe, phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda, nakulawo ayengaphambi kwakhe.


Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”


Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.


Bheka manje, qina ukwenze lokhu, ngokuba uSimakade ukukhethile ukuba wakhe indlu, ibe yindlu engcwele.”


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”


Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


base bakha uzungu lokuza kanyekanye bazolwa nalo iJerusalema, badale inxushunxushu.


Kuhle ukuphephela kuSimakade kunokwethemba umuntu.


Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi: “Yimani isibindi, ningesabi, bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngempindiselo, impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”


Ningayesabi inkosi yaseBhabhele le eniyesabayo. Ningayesabi, kusho uSimakade, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginihlenge esandleni sayo.


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qinisani izandla zenu, nina eniwezwayo kule mihla lawa mazwi akhulunywa ngabaphrofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaSimakade, ithempeli, ukuba lakhiwe.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu.


Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ