Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:31 - IsiZulu 2020

31 Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kodwa endabeni yezithunywa zezikhulu zaseBhabhiloni ezathumela kuye ukubuza ngesimangaliso esenziwa elizweni, uNkulunkulu wamtshiya ukuze amlinge, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:31
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sezedlule lezo zinto uNkulunkulu wamvivinya u-Abhrahama, wathi kuye: “Abhrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Wayesekhuleka kuSimakade; uSimakade wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


Ezinye izindaba zikaHezekiya nezenzo zakhe ezinhle; bheka, zilotshiwe embonweni ka-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose, encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli.


Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.


aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ