Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:27 - IsiZulu 2020

27 UHezekiya wayecebile futhi enodumo olukhulu, wazakhela izindlu zesiliva, ezegolide, ezamatshe ayigugu, ezamakha, ezezihlangu nezazo zonke izinto ezinxanelekayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu, wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu, nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu, wazenzela izinqolobane zesiliva nezegolide, namatshe ayigugu, neziqholo, nezihlangu, nazo zonke izinhlobo zezinto eziyigugu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:27
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwakutholakala engcebeni yakhe. Akukho lutho olwalusesigodlweni sakhe nasembusweni wakhe wonke angazange abakhombise lona.


Wafa esemdala, esenelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni, indodana yakhe, wabusa esikhundleni sakhe.


ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.”


Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi.


UHezekiya wayithobisa inhliziyo yakhe eyayisikhukhumele, yena nezakhamuzi zaseJerusalema, ngakho-ke ulaka lukaSimakade alwehlelanga kubo emihleni kaHezekiya.


Wakha nezinqolobane zokusanhlamvu, ezewayini elisha, ezamafutha, izibaya zezinhlobo zonke zezilwane, nezindawo zezimvu.


Inkosi yenza ukuba isiliva lixhaphake njengamatshe eJerusalema, nemisedari yayenza yaba miningi njengemithombe ehlanzeni.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Bayakuwuphanga umcebo wakho, bayithathe njengempango impahla yakho ohweba ngayo. Bayakuzibhidliza izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, balahle amatshe akho, imithi yakho, nemfucuza yakho emanzini.


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ