Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:25 - IsiZulu 2020

25 UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa uHezekhiya kaphindiselanga njengomusa awenzelwe kuye; ngoba inhliziyo yakhe yayiziphakamisile; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, neJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:25
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”


Ngaleso sikhathi kwasuka uMerodaki Bhaladari, indodana kaBhaladani, inkosi yaseBhabhele, wathumela kuHezekiya izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi kade ebambekile.


UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwakutholakala engcebeni yakhe. Akukho lutho olwalusesigodlweni sakhe nasembusweni wakhe wonke angazange abakhombise lona.


USathane wamelana no-Israyeli, wamyenga uDavide ukuba abale u-Israyeli.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


Umtshele uthi: ‘Bheka, ubhubhisile u-Edomi, manje inhliziyo yakho iqhoshile, ufuna ukubonakalisa udumo lwakho. Manje kungcono uhlale endlini yakho; kungani uhlokoloza inyoka isemgodini, ufuna ukuwa wena noJuda kanyekanye na?’ ”


Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.


Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Ngalesi sikhathi uMerodaki Bhaladani, indodana kaBhaladani inkosi yaseBhabhele, wathumela izithunywa kuHezekiya ziphethe izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula kodwa useluleme.


UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona.


Inhliziyo yakho yakhukhumala ngenxa yobuhle bakho, wakonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho. Ngakuqumba phansi, ngabeka amakhosi ukuba akuqaphe.


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu, ekuhwebeni wandise ingcebo yakho; inhliziyo yakho yaqhosha ngenxa yomcebo wakho.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Njengoba ubuphakeme ngobude, wafinyelelisa isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yawo yazikhukhumeza ngenxa yokuphakama kwawo,


Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ