Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:23 - IsiZulu 2020

23 Abaningi baletha iminikelo kuSimakade eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waba nodumo kubo bonke abezizwe ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waze waphakanyiswa emehlweni abo bonke abezizwe ngasemuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema nezipho kuHezekiya inkosi yakwaJuda, ukuze kusukela manje kuqhubeke waphakanyiswa emehlweni azo zonke izizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:23
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yanika inkosi amatalenta ayi-120 egolide, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kuphinde kufike amakha amaningi kangaka njengalawo indlovukazi yaseShebha eyawapha inkosi uSolomoni.


Baletha, kwaba yilowo nalowo, isipho sakhe: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi, neminyuzi, lokhu bekwenza minyaka yonke.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Abasindileyo bendlu yakwaJuda, abaseleyo bayakubuye bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.


USimakade wamenza waba mkhulu uSolomoni phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungakaze lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli eyamendulelayo.


USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.


Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.


Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi.


Yileyo naleyo yayimlethela isipho: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi neminyuzi, ekwenza lokhu iminyaka ngeminyaka.


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema, amakhosi ayokulethela izipho.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ