Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:21 - IsiZulu 2020

21 USimakade wathumela ingelosi eyabhubhisa wonke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna enkanjini yenkosi yase-Asiriya. Yabuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, abozalo lwayo bayibulala ngenkemba khona lapho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova wathuma ingelosi yabulala onke amaqhawe anamandla, nezikhulu, nezinduna ekamu lenkosi yase-Asiriya. Ngakho wabuyela ezweni lakubo enamahloni. Lapho engena endlini kankulunkulu wakhe, abaphuma ezibilinini zakhe bambulala lapho ngenkemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:21
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.


U-Izaya, indodana ka-Amose, wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho obukukhulekela kimi ngoSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, ngikuzwile.’


UHezekiya inkosi, no-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose, bakhuleka ngenxa yalokhu, bakhala bebhekise ezulwini.


USimakade wamsindisa kanjalo uHezekiya nezakhamuzi zaseJerusalema esandleni sikaSenaheribhi, inkosi yase-Asiriya, nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini, wenza isihe kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nabozalo lwakhe kuze kube phakade.


Usuku lonke, ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, ihlazo lemboze ubuso bami


Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.


Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo.


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


Lapho kuvela ukuziqhenya kulandela ihlazo, kodwa kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?


ukuthi ngiyolicoboshisa i-Asiriya ezweni lami, ngiligxobe ezintabeni zami; lisuswe kubantu bani ijoka lalo nomthwalo walo osemahlombe abo.”


Pho ungaphindisela kanjani emuva induna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na? Nokho wethembele kwabaseGibhithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.


U-Izaya, indodana ka-Amozi, wayesethumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngenxa yokuba ukhulekile kimi mayelana noSenakheribhi, inkosi yase-Asiriya,


“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.


“Ake usibuzele kuSimakade, ngokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, usihlasele. Mhlawumbe uSimakade angasenzela njengakuzo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, ayeke ukumelana nathi.”


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ