Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:17 - IsiZulu 2020

17 Wayelobe izincwadi zokweyisa uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, nangoHezekiya, ethi: “Njengalokhu onkulunkulu bezizwe namazwe bengabasindisanga abantu babo esandleni sami, kanjalo noNkulunkulu kaHezekiya akayukubasindisa abantu bakhe esandleni sami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayelobe nencwadi yokumhlambalaza uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, wakhuluma okuphambene naye, wathi: “Njengalokho onkulunkulu babezizwe bengabophulanga abantu babo esandleni sami, kanjalo uNkulunkulu kaHezekiya akayikubophula abantu bakhe esandleni sami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Waloba nezincwadi zokuhlambalaza uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, nokukhuluma kuye ngokuthi: “Njengokuba onkulunkulu bezizwe zakwamanye amazwe bengabasindisanga abantu babo esandleni sami, kanjalo uNkulunkulu kaHezekiya akayikusindisa. abantu bakhe esandleni sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:17
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Uyabona-ke, uzizwele nawe okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo wonke amazwe, awabhubhisa. Pho wena uyakusinda na?


Onkulunkulu balezo zizwe ezabhujiswa ngokhokho bami, iGozani, iHarana, iRezefi, abase-Edene, nabaseThelasari, bakwazi yini ukuzisindisa na?


UHezekiya wayamukela incwadi eyayilethwe yizithunywa, wayifunda. UHezekiya wayesekhuphukela endlini kaSimakade, wafike wayeneka phambi kukaSimakade.


Weyise bani, wathuka bani na? Uliphakamisele bani izwi, uwabhekisele bani amehlo akho phezulu na? Ongcwele ka-Israyeli!


Ngenxa yokuba ungithukuthelele, nokuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho, netomu lami emlonyeni wakho, ngiyakukubuyisela endleleni oweza ngayo.’


Esezwile ngoThirahaka, inkosi yaseKhushe, kuthiwa: “Bheka, iphumile ukuba izokulwa nawe, wabuyela emuva, wathumela izithunywa kuHezekiya, ethi:


Ngubani phakathi kwabo bonke onkulunkulu balezi zizwe ezabhujiswa ngobaba owayenamandla okusindisa abantu bakhe esandleni sami, okwenza nicabange ukuthi uNkulunkulu wenu nina uzonisindisa esandleni sami na?


Izinceku zakhe zakhuluma okunye okuphambene noSimakade uNkulunkulu, nenceku yakhe, uHezekiya.


Ngehlandla lesihlanu, uSanibhalathi wangithumelela lowo myalezo ngenceku yakhe, kodwa kwakuyincwadi engavaliwe.


Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaSimakade, wayendlala phambi kukaSimakade.


Savula umlomo waso, sahlambalaza uNkulunkulu, sahlambalaza igama lakhe nethabanakeli lakhe, nabo bonke abasezulwini.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ